Umfanekiso womhlwanyeli nowembewu ezimilelayo noweyesinaphi
1Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.
2Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:
3Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.
5Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.
6Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.
7Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo.
8Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.
9Wayesethi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
10Lapho esengasesitha, ababenaye kanye nabayishumi nambili bambuza ngalemifanekiso.
11Wathi kubo: Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, 12ukuze
ngokubona babone, bangabonisisi,
nangokuzwa bezwe, bangaqondi,
funa baphenduke, bathethelelwe.
13Wayesethi kubo: Aniwazi lomfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na?
14Umhlwanyeli uhlwanyela izwi.
15Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.
16Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza;
17kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvelé ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane.
18Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi,
19kepha iminako yalesisikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe-ngelingatheliyo.
20Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.
21Wayesethi kubo: Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?
22Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba-sobala.
23Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.
24Wayesethi kubo: Qaphelani enikuzwayo; ngalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.
25Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
26Wayesethi: Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,
27alale, avuke ubusuku nemini, imbewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani.
28Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba-yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini.
29Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.
30Wathi futhi: Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na?
31Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,
32kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibenkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.
33Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa;
34kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa, wabachasisela abafundi bakhe konke.
Ukuthuliswa kwesivunguvungu
35Ngalolosuku sekuhlwile, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya.
36Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye.
37Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala.
38Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?
39Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi du. Kwanqamuka umoya, kwaba-khona ukuthula okukhulu.
40Wathi kubo: Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi-nakukholwa na?
41Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?