Ukuvuka kukaJesu
1Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
2Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.
3Bakhuluma bodwa, bathi: Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?
4Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu.
5Kuthé bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
6Kepha yathi kubo: Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani, nansi indawo lapho bebembeké khona.
7Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.
8Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala; kabashongo-lutho kumuntu, ngokuba babesaba.
Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini
9Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphé kuye amademoni ayisikhombisa.
10Yena wahamba wababikela labo ababenaye uJesu, besalila bekhala.
11Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa.
12Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.
13Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.
14Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.
15Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
16Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
17Lezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,
18baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba-nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.
19Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
20Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.