Ukuxwayiswa kwabacindezeli
1Wo kwabaceba ububi,
benze okubi emibhedeni yabo!
Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,
ngokuba kusemandleni ezandla zabo.
2Bafisa amasimu, bawadluzula,
nezindlu, bazisuse;
bacindezela indoda nendlu yayo,
umuntu nefa lakhe.
3Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
Bhekani, ngiceba okubi ngalomndeni,
eningayikukhipha kukho izintamo zenu;
futhi ningahambi ngokuzidla,
ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.
4Ngalolosuku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,
bakhale isililo, bathi:
Sichithiwe nokuchithwa;
isabelo sabantu bami sinikwa omunye;
yeka ukubuya kwakhe kimi;
abahlubuki babelwa amasimu ethu.
5Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho
ebandleni likaJehova.
6Ningaprofethi — baprofetha, basho njalo —
ningaprofethi ngalokho;
ihlazo aliyikusifica.
7Kuyakushiwo, nina-ndlu kaJakobe,
ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;
yizenzo zakhe lezi na?
Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?
8Kepha kade bevukile abantu bami baba-yizitha;
nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,
befulathele ukulwa.
9Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,
nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube-phakade.
10Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;
ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.
11Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi:
Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,
ubeyakuba-ngumprofethi walababantu.
12Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;
ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwaIsrayeli;
ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,
njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,
kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.
13Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;
sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo;
inkosi yabo idlulile phambi kwabo,
noJehova usesihlokweni sabo.