Ukuvuka nokuzibonakalisa kukaJesu
1Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.
2Bheka, kwaba-khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.
3Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane.
4Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba-njengabafileyo.
5Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;
6kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.
7Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.
8Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe.
9Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: Sanibona. Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.
10Khona uJesu wathi kubo: Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.
11Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo.
12Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,
13bathi: Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.
14Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.
15Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Lelizwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube-namuhla.
Isiyalezo sokugcina sikaJesu
16Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyontaba uJesu ayebayalele yona;
17sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.
18UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;
19ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,
20nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.