UJesu ephambi kukaPilatu. Ukuzibulala kukaJuda
1Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;
2bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.
3Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,
4wathi: Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala. Bona bathi: Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.
5Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.
6Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.
7Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe-ngeyokumbela abafokazi.
8Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube-namuhla.
9Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana kaIsrayeli;
10bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.
11Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wathi kuye: Usho khona.
12Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga-lutho.
13Khona uPilatu wathi kuye: Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?
14Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.
15Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe-sinye esasisithanda.
16Ngalesosikhathi babenesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.
17Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululelebani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?
18Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.
19Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: Ungabi-nandaba kulowomuntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.
20Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
21Wayesephendula umbusi, wathi kubo: Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba.
22UPilatu wathi kubo: Pho-ke, ngimenze-njani uJesu othiwa uKristu na? Bonke bathi: Makabethelwe esiphambanweni.
23Wayesethi: Ngokuba wenzé-bubi buni na? Kepha bamemeza kakhulu, bathi: Makabethelwe esiphambanweni.
24UPilatu esebona ukuthi akanakwenza-lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: Anginacala egazini lalomuntu; ziboneleni nina.
25Abantu bonke base bephendula bethi: Igazi lakhe malibe-phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.
26Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
27Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke.
28Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu,
29aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: Bayede, nkosi yabaJuda!
30Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.
31Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
32Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.
UJesu esesiphambanweni
33Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo yeKhanda,
34amphuzisa iwayini elixutshwé nenyongo; kepha kuthé elizwa, akathandanga ukuliphuza.
35Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho;
36ahlala amlinda khona.
37Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwé ngokuthi: lo ngujesu, inkosi yabajuda.
38Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.
39Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo,
40bathi: Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.
41Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:
42Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwaIsrayeli; akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.
43Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: NgiyiNdodana kaNkulunkulu.
44Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.
45Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba-mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba-yihora lesishiyagalolunye.
46Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
47Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: Lo ubiza uEliya.
48Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphuzisa.
49Kepha abanye bathi: Yeka, sibone uma uEliya eza ukumsindisa.
50UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
51Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
52amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;
53baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
54Kepha induna yekhulu nababenayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.
55Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza;
56phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Ukumbelwa kukaJesu
57Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo waseArimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye;
58lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona.
59UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo,
60wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophé edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.
61Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.
62Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu,
63bathi: Nkosi, sikhumbula ukuthi lowomkhohlisi esekhona wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.
64Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube-lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: Uvukile kwabafileyo; kuthi inkohliso yokugcina ibembi kuneyokuqala.
65UPilatu wathi kubo: Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.
66Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.