UJesu ukhala ngababhali nabaFarisi nangokungaphenduki kweJerusalema
1Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe,
2wathi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.
3Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;
4babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.
5Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe-banzi, bawenze abe-makhulu amachopho.
6Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni*,
7nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi.
8Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.
9Ningabizi-muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.
10Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.
11Kodwa omkhulu kini akabe-yisikhonzi senu.
12Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.
13Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.
14Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
15Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba-njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
16Maye kinina-baholi abayizimpumputhe enithi: Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!
17Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?
18Futhi yilowo ofunga ialtare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.
19Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo nealtare elingcwelisa umnikelo na?
20Ngakho-ke ofunga ialtare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo.
21Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.
22Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.
23Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
24Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.
25Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!
26MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
27Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!
28Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.
29Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!
30Nithi: Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.
31Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.
32Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.
33Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?
34Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi
35ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube-segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli nealtare.
36Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesisizukulwane.
37Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.
38Bhekani, indlu yenu isisala nani.
39Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.