AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo
1Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:
2Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.
3Kepha waphendula, wathi kubo: Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
4Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa.
5Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,
6akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenzé laba-yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
7Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi:
8Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,
kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9kodwa bangikhonza ngeze
befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.
10Wayesebabiza abantu, wathi kubo: Yizwani, niqonde.
11Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.
12Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: Uyazi ukuthi abaFarisi bathé bezwa lelozwi, bakhubeka, na?
13Kepha waphendula wathi: Yileso nalesosithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.
14Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.
15UPetru waphendula, wathi kuye: Sichasisele lomfanekiso.
16Wayesethi: Kanti nani nisengabangaqondiyo na?
17Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na?
18Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.
19Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.
20Yilezozinto ezimngcolisa umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.
Owesifazane waseKhanani
21UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.
22Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.
23Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.
24Kodwa waphendula wathi: Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli:
25Kepha wayeseza, wakhuleka kuye, wathi: Nkosi, ngisize.
26Waphendula wathi: Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.
27Yena wathi: Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.
28Khona uJesu waphendula, wathi kuye: O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube-kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kulesosikhathi.
UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine
29Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona.
30Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa,
31baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu kaIsrayeli.
32UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.
33Bathi kuye abafundi: Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?
34Wathi kubo uJesu: Ninezinkwa ezingaki na? Bathi: Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.
35Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;
36wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.
37Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.
38Kepha abadlayo babeyizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
39Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.