UJesu uchachisa umyalelo wesabatha
1Ngalesosikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.
2Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.
3Wathi kubo: Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababenaye
4ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababenaye kodwa ngabapristi kuphela, na?
5Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi-nacala, na?
6Kodwa ngithi kini: Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.
7Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: Ngifuna isihawu, hayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.
8Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.
UJesu uphilisa ngesabatha
9Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.
10Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? — ukuze bammangalele.
11Kepha wathi kubo: Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
12Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.
13Khona wathi kulowomuntu: Yelula isandla sakho. Wayeseselula, sasinda saba-njengesinye.
14Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.
15Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.
16Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,
17ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi:
18Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,
othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,
ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,
amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.
19Akayikubanga, akayikubangalasa,
akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.
20Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,
umongo othunqayo akayikuwucima,
aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.
21Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.
Isono sokuhlambalaza
22Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.
23Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: Lo asiyo indodana kaDavide na?
24Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.
25Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: Yilowo nalowombuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowomuzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.
26Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?
27Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakubangabahluleli benu.
28Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.
29Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?
30Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.
31Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
32Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakulelizwe nakwelizayo.
33Yenzani umuthi ube-muhle, nesithelo sawo sibe-sihle; noma nenze umuthi ube-mubi, nesithelo sawo sibe-sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
34Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
35Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
36Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
37Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.
Abafuna izibonakaliso
38Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.
39Kepha waphendula, wathi kubo: Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa-sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.
40Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba-sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
41Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesisizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.
42Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesisizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.
43Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani.
44Khona uthi: Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe.
45Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowomuntu kuba-kubi kunokuqala. Kuyakuba-njalo nakulesisizukulwane esibi.
Izihlobo eziyizo zikaJesu
46Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
47Omunye wathi kuye: Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.
48Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?
49Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: Bhekani nangu umame nabafowethu.
50Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.