UJesu uthuma abaphostoli bakhe abayishumi nambili
1Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
2Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, noAndreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo,
3noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi noJakobe ka-Alfewu, noThadewu,
4noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
5Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:
Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
6kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.
7Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.
8Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
9Ningaphathi-golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu,
10nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.
11Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.
12Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele.
13Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.
14Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.
15Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakubangcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowomuzi.
16Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe-mnene njengamajuba.
17Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.
18Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube-ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
19Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso lesosikhathi eniyakukukhuluma.
20Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
21Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
22Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.
23Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwaIsrayeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
24Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo.
25Kumanele umfundi abe-njengomfundisi wakhe, nenceku ibe-njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.
26Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaz wa.
27Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
28Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni opamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
29Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo.
30Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.
31Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
32Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;
33kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
34Ningasho ukuthi ngizé ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
35Yebo, ngizé ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala.
36Nezitha zomuntu kuyakuba-ngabendlu yakhe.
37Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;
38nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.
39Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
40Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.
41Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.
42Yilowo nalowo oyakuphuzisa abemunye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.