UMALAKI 4
Usuku lukaJehova
1Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakubangamabibi; luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti, lungabashiyeli-mpande nagatsha.
2Kepha kinina enilesaba igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
3Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba-luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo, usho uJehova-Sebawoti.
4Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke uIsrayeli, waba-yizimiso nezahlulelo.
Ukubuya komprofethi uEliya
5Bhekani, ngiyakuthuma kini uEliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
6Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.