Ukukhohlisa kukaIsrayeli
1Manje lomyalo ungowenu-bapristi.
2Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova-Sebawoti, ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.
3Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.
4Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lomyalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime, usho uJehova-Sebawoti.
5Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.
6Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.
7Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova-Sebawoti.
8Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi, usho uJehova-Sebawoti.
9Ngalokho mina nginenzile naba-ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethé ubuso emthethweni.
10Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube-yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?
11UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwaIsrayeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.
12UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova-Sebawoti.
13Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela ialtare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.
14Besenithi-ke: Ngani na? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.
15AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani loMunye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.
16Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana, usho uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho, usho uJehova-Sebawoti. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.
17Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: Simkhathazé kanjani? Ngokusho ukuthi: Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo; noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?