Iwundlu lePhasika
1Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika.
2Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.
Umvuzo wokumkhaphela uJesu
3Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa uIskariyothe engowabayishumi nambili.
4Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.
5Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali.
6Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.
Ukumiswa kwesidlo esingcwele
7Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika.
8Wathuma oPetru noJohane, wathi: Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.
9Bathi kuye: Uthanda ukuba sikulungiselephi na?
10Wathi kubo: Bhekani, seningené emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,
11nize nithi kumninindlu: Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?
12Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.
13Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.
14Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.
15Wayesethi kubo: Nginxanele nokunxanela ukudla nani leliphasika ngingakahlupheki.
16Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela, lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.
17Wamukela isitsha, wabonga wathi: Thabathani lokhu, nabelane;
18ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.
19Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.
20Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.
21Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni.
22Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowomuntu ekhashelwa ngaye!
23Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungaze kube-ngubani kubo ozakukwenza lokho.
24Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.
25Wayesethi kubo: Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.
26Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe-njengomncinyane, nobusayo makabe-njengokhonzayo.
27Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.
28Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;
29nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona
30ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.
USimoni Petru uyaxwayiswa
31Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;
32kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.
33Wathi kuye: Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.
34Wayesethi: Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhla nje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.
35Wathi kubo: Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na? Bathi: Lutho.
36Wayesethi kubo: Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba.
37Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi; ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.
38Base bethi: Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Wathi kubo: Kwanele.
EGetsemane
39Wayesephuma, waya eNtabeni yemiNqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela.
40Esefikile endaweni wathi kubo: Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.
41Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,
42wathi: Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.
43Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.
44Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
45Esesukumé ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka.
46Wathi kubo: Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.
Ukuboshwa kukaJesu
47Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.
48Kepha uJesu wathi kuye: Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?
49Kuthé ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: Nkosi, sigadle ngenkemba na?
50Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.
51Kepha uJesu wathatha wathi: Musani; sekwanele. Wayiphatha indlebe, wayipholisa.
52Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababezé kuye: Niphumile kungathi nizé kumphangi niphethe izinkemba nezinduku.
53Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga-zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.
Ukuphika kukaPetru
54Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.
55Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo.
56Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: Nalona ubenaye.
57Kepha waphika, wathi: Sifazane, angimazi.
58Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: Nawe ungomunye wabo. Kepha uPetru wathi: Muntundini, angisiye.
59Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: Impela nalona ubenaye, ngokuba futhi ungowaseGalile.
60Kepha uPetru wathi: Muntundini, angikwazi ukuthi uthini. Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.
61INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithé kuye: Iqhude lingakakhali namhla nje, uzakungiphika kathathu.
62Waphumela phandle, wakhala kamunyu.
UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe
63Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.
64Ammboza ubuso, ambuza ethi: Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?
65Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.
66Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,
67bathi: Uma unguKristu, sitshele. Wathi kubo: Uma nginitshela, anisoze nakholwa;
68noma ngibuza, anisoze naphendula.
69Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.
70Base bethi bonke: Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na? Wathi kubo: Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.
71Bathi: Pho, sisaswele-bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.