Izikhubekiso. Ukuthethelelana. Inkonzo
1Wayesethi kubafundi bakhe: Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!
2Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe-munye kulaba abancinyane.
3Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.
4Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: Ngiyaphenduka, womthethelela.
5Abaphostoli base bethi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu.
6Yayisithi iNkosi: Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulomthombe: Simbuka, utshaleke elwandle, ubuyakunilalela.
7Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle?
8Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena, na?
9Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na?
10Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.
Ukuphulukiswa kwabanochoko abayishumi
11Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.
12Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,
13aphakamisa izwi, athi: Jesu Nkosi, sihawukele!
14Kuthé ewabona, wathi kuwo: Hambani, niyoziveza kubapristi. Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,
16yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17Kepha uJesu waphendula wathi: Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
18Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?
19Wayesethi kuye: Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.
Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu
20Ebuzwé ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
21Futhi kabayikusho ukuthi: Bhekani, nanku, nokuba, nankuya; ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.
22Wayesethi kubafundi bakhe: Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube-lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
23Bayakuthi kini: Bhekani, nansiya; bhekani, nansi; maningayi, ningalandeli.
24Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba-njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesisizukulwane.
26Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba-njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.
27Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;
29kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;
30kuyakuba-njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.
31Ngalolosuku oyakuba-phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.
32Khumbulani umkaLoti.
33Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza.
34Ngithi kini: Ngalobobusuku kuyakuba-khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
35Kuyakuba-khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
36Kuyakuba-khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
37Base bephendula, bethi kuye: Kuphi, Nkosi? Wathi kubo: Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.