Ukuthunywa kwabafundi abangamashumi ayisikhombisa
1Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona.
2Yathi kubo: Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.
3Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi.
4Ningaphathi-sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli-muntu endleleni.
5Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: Ukuthula makube-kulendlu.
6Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini.
7Hlalani kuleyondlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
8Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu,
9niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.
10Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi:
11Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.
12Ngithi kini: Kuyakuba-ngcono kwabaseSodoma ngalolosuku kunakulowomuzi.
Ukusolwa kwemizi engaphendukanga
13Maye kuwe-Korazini! Maye kuweBetsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.
14Kepha kuyakuba-ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini.
15Nawe-Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese*.
16Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.
17Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.
18Wathi kubo: Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.
19Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwalutho.
20Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.
UJesu uyamdumisa uYise
21Ngasona lesosikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba-kuhle phambi kwakho ukuba kube-njalo.
22Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.
23Waphendukela kubafundi bebodwa, wathi: Abusisiwe amehlo abona enikubonayo.
24Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.
Umfanekiso womSamariya onesihawu
25Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?
26Wathi kuso: Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?
27Saphendula sathi: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
28Wayesethi kuso: Uphendulé kahle; yenza lokho, uzakuphila.
29Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: Umakhelwane wami ngubani na?
30UJesu waphendula wathi: Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.
31Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyondlela; wathi embona, wamgwemela.
32Kanjalo nomLevi, efika kuleyondawo embona, wamgwemela.
33Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;
34waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.
35Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.
36Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba-ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?
37Sathi: Yilowo owamenzela isihawu. Wayesethi uJesu kuso: Hamba wenze njalo nawe.
OMarta noMariya
38Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.
39Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.
40Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.
41Kepha iNkosi yamphendula yathi: Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.
42Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.