Umnikelo wokuqala ka-Aroni
1Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza uAroni namadodana akhe namalunga akwaIsrayeli,
2wathi kuAroni: Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe-ngumnikelo wesono, nenqama ibe-ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.
3Khuluma kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Thathani impongo, ibe-ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe-nomnyaka munye, angenasici, abe-ngumnikelo wokushiswa,
4nenkunzi nenqama zibe-yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwé namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.
5Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.
6Wayesethi uMose: Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.
7UMose wathi kuAroni: Sondela ealtare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.
8UAroni wayesesondela ealtare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.
9Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni zealtare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni sealtare;
10kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa ealtare, njengalokho uJehova emyalile uMose.
11Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu*.
12Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo ialtare nxazonke.
13Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa ealtare.
14Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa ealtare.
15Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.
16Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.
17Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa ealtare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18Wahlaba inkunzi nenqama, zibengumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo ialtare nxazonke,
19namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,
20abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni ealtare;
21izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.
22UAroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.
23OMose noAroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.
24Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni ealtare; sebekubona abantu bonke benanela, bakhothamela phansi ngobuso.