Isixwayiso ngokukhonza izithixo
1Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
2Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.
Izithembiso kwabagcina umthetho
3Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,
4ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
5Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.
6Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa-muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.
7Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.
8Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
9Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.
10Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.
11Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.
12Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe-nguNkulunkulu wenu, nibe-ngabantu bami.
13NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi-yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.
Ukusongelwa kwabeqayo umthetho
14Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke lemiyalo,
15uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami,
16nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.
17Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa-muntu.
18Kepha uma ningangilaleli nangalezozinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.
19Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe-njengensimbi, nomhlabathi wenu ube-njengethusi.
20Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.
21Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.
22Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe-yihlane.
23Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezozinto, kodwa nihamba niphambene nami,
24nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.
25Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.
26Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.
27Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezozinto, kodwa nihamba niphambene nami,
28nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.
29Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.
30Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.
31Ngiyakuyenza imizi yenu ibe-yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe-yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.
32Ngiyakulenza izwe libe-yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.
33Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe-yincithakalo, nemizi yenu ibe-yizwekufa.
34Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.
35Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokhokuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.
36Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa-muntu.
37Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa-muntu; aniyikubanamandla okuma phambi kwezitha zenu.
38Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.
39Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu, nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.
40Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami,
41nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; umake izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,
42ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami noIsaka, nesivumelwano sami noAbrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.
43Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.
44Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
45kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe-nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.
46Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakathi kwakhe nabantwana bakwaIsrayeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.