Umnyaka wesabatha nowejubili*
1UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha.
3Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho, iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,
4kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba-khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho.
5Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakubangumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe.
6Isabatha lezwe liyakuba-ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;
7Nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba-ngukudla.
8Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube-kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube-yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.
9Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.
10Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba-yijubili* kini, nibuyele, kube-yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube-yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.
11Lomnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba-yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.
12Ngokuba uyijubili; uyakuba-ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
13Ngalowomnyaka wejubili niyakubuyela, kube-yilowo nalowo efeni lakhe.
14Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;
15njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.
16Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.
17Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
18Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
19Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
20Uma nisho ukuthi: Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu;
21khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
22Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
23Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube-phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
24Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
25Uma umfowenu eba-mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
26Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba-ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
27makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowomuntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.
28Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengisé ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
29Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba-nelungelo lokuyihlenga.
30Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyondlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe-ngeyakhe owayithenga kuze kube-phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.
31Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.
32Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.
33Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.
34Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube-phakade.
35Uma umfowenu eba-mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.
36Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.
37Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.
38NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe-nguNkulunkulu wenu.
39Uma umfowenu eba-mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
40kepha abe-njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
41andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
42Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe-yizigqila.
43Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
44Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba-nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.
45Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe-yifa lenu.
46Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe-yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube-phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwaIsrayeli, omunye phezu komunye.
47Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba-ngocebileyo, umfowenu abempofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
48angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga;
49noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba-ngocebileyo, angazihlenga yena.
50Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube-ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba-njengenani leminyaka; uyakuba-naye njengesikhathi somqashwa.
51Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
52Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
53Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba-naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
54Uma engahlengwanga ngalezozindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.
55Ngokuba abantwana bakwaIsrayeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.