Imithetho yemikhosi
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe-yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.
3Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi-msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.
4Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.
5Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.
6Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyonyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
7Ngosuku lokuqala niyakuba-nomhlangano ongcwele, ningasebenzi-msebenzi.
8Kepha niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kungumhlangano ongcwele; ningasebenzi-msebenzi.
9UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
10Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;
11yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.
12Ngalolosuku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe-ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
13Umnikelo wawo wempuphu wobangokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwé namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube-yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa wobangokwesine kwehini* lewayini.
14Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolosuku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
15Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube-ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;
16kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova.
17Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe-lulibo kuJehova.
18Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili, zibe-ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube-yiphunga elimnandi kuJehova.
19Niyakunikela ngempongo ibe-ngumnikelo wesono, nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe-ngumhlatshelo weminikelo yokuthula.
20Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba-ngcwele kuJehova, zibe-ngezompristi.
21Niyakumemezela ngalolosuku, nibe-nomhlangano ongcwele; ningasebenzimsebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.
22Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.
23UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba-nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.
25Ningasebenzi-msebenzi, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.
26UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
27Kepha ngolweshumi lwaleyonyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba-nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.
28Ningasebenzi-msebenzi ngalolosuku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.
29Ngokuba yilowo nalowomuntu ongathotshiswa ngalolosuku uyakunqunywa kubantu bakubo.
30Yilowo nalowomuntu owenza umsebenzi othile ngalolosuku, lowomuntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.
31Ningasebenzi-msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
32Kuyakuba-yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube-kusihlwa, anogcina isabatha lenu.
33UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
34Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyonyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.
35Ngosuku lokuqala kuyakuba-ngumhlangano ongcwele, ningasebenzi-msebenzi.
36Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe-nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi-msebenzi.
37Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe-yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube-yilowo nalowo ngosuku lwawo,
38ngaphandle kwamasabatha kaJehova, nangaphandle kwezipho zenu, nangaphandle kwezithembiso zenu zonke, nangaphandle kweminikelo yenu yonke yesihle eninikela ngayo kuJehova.
39Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube-ngukuphumula okuzothileyo, nangosuku lwesishiyagalombili kube-ngukuphumula okuzothileyo.
40Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo zemithi emihle, namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.
41Niyakuwugcina ube-ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niwugcine ngenyanga yesikhombisa.
42Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwaIsrayeli bahlale emadokodweni,
43ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwaIsrayeli emadokodweni ekubakhipheni kwami ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
44UMose wabatshela-ke abantwana bakwaIsrayeli imikhosi emisiweyo kaJehova.