Imithetho yomshado
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: NginguJehova uNkulunkulu wenu.
3Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.
4Nenze izahlulelo zami, nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
5Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.
6Makungasondeli-muntu kowakubo ukwambula ubunqunu bakhe; nginguJehova.
7Ubunqunu bukayihlo, ubunqunu bukanyoko, ungabambuli; ungunyoko; ungambuli ubunqunu bakhe.
8Ubunqunu bomkayihlo ungabambuli; kungubunqunu bukayihlo.
9Ungambuli ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, noma ezelwe kini, noma ezelwe kwelinye; ungambuli ubunqunu babo.
10Ungambuli ubunqunu bendodakazi yendodana yakho noma obendodakazi yendodakazi yakho; awuyikwambula ubunqunu babo, ngokuba obabo bungubunqunu bakho.
11Ungambuli ubunqunu bendodakazi yomkayihlo, ezelwe nguyihlo; ungudadewenu; awuyikwambula ubunqunu bakhe.
12Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kayihlo; uyisihlobo sikayihlo.
13Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, ngokuba uyisihlobo sikanyoko.
14Ungambuli ubunqunu bomfowabo kayihlo, ungasondeli kumkakhe; unguyihlokazi.
15Ungambuli ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho; awuyikwambula ubunqunu bakhe.
16Ungambuli ubunqunu bomkamfowenu; kungubunqunu bomfowenu.
17Ungambuli ubunqunu bowesifazane kanye nobendodakazi yakhe; ungathathi indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe ukwambula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala.
18Ungathathi owesifazane kanye nodadewabo ukuba wambule ubunqunu bakhe kanye nomunye esekhona, aze ambange.
19Ungasondeli kowesifazane, wambule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.
20Ungalali nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
21Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
22Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.
23Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
24Ningazingcolisi nangeyodwa yalezozinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezizizwe engizixosha phambi kwakho.
25Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.
26Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezozinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu —
27ngokuba zonke lezozinengiso bazenza abantu balelozwe ababekhona ngaphambi kwenu, izwe selangcola —
28ukuze izwe linganihlanzi nani, nxa nilingcolisa, njengalokho lahlanza isizwe esasikhona phambi kwenu.
29Ngokuba bonke abenza lezozinengiso, yebo, abazenzayo bayakunqunywa kubantu bakubo.
30Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawomasiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.