Imithetho yokuhlaba
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kuAroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Lokhu kuyikho ayalé ngakho uJehova, ethi:
3Yilowo nalowomuntu wendlu yakwaIsrayeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu*, noma eyibulala ngaphandle kwekamu,
4engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe-ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele* likaJehova, lowomuntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
5Ngalokho abantwana bakwaIsrayeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe-yiminikelo yokuthula kuJehova.
6Umpristi wofafaza ngegazi ialtare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe-yiphunga elimnandi kuJehova.
7Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abayé kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba-yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.
8Wothi kubo: Yilowo nalowomuntu wendlu yakwaIsrayeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,
9engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Igazi alinakudliwa
10Yilowo nalowomuntu wendlu yakwaIsrayeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowomuntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.
11Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.
12Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.
13Yilowo nalowomuntu wabantwana bakwaIsrayeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.
14Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.
15Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwé yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.
16Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.