Umthetho weminikelo yokushiswa
1UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.
3Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.
4Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.
5Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke zealtare elingasemnyango wetende lokuhlangana.
6Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho.
7Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo ealtare, ahlele izinkuni phezu komlilo;
8amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwealtare,
9ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke ealtare, kube-ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube-yiphunga elimnandi kuJehova.
10Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube-ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.
11Alihlabe ngasohlangothini lwealtare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze ialtare ngegazi lalo nxazonke.
12Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwealtare,
13ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise ealtare kube-ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube-yiphunga elimnandi kuJehova.
14Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba.
15Umpristi awulethe ealtare, awushumpule inhloko, awushise ealtare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwealtare,
16asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwealtare ngasempumalanga endaweni yomlotha,
17awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise ealtare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ubengumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube-yiphunga elimnandi kuJehova.