Amatshe ezikhumbuzo eGiligali naseJordani
1Kwathi lapho isizwe sonke sesiwelé iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
2Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe,
3niwayale nithi: Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.
4UJoshuwa wayesebiza lawomadoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwaIsrayeli, indoda inye ngesizwe.
5UJoshuwa wathi kuwo: Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, netshathe, kube-yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwaIsrayeli
6ukuba lokho kube-yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: Ayini lawamatshe kini na?
7anothi kubo: Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawamatshe ayakuba-yisikhumbuzo kubantwana bakwaIsrayeli kuze kube-phakade.
8Abantwana bakwaIsrayeli benza-ke njengalokho uJoshuwa ebayalile, bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa, njengokomumo wezizwe zabantwana bakwaIsrayeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona.
9UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube-namuhla.
10Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyalé ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyalé ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela.
11Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.
12Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwaIsrayeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;
13kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.
14Ngalolosuku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwaIsrayeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.
15UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
16Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.
17UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: Yenyukani eJordani.
18Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuké phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefiké emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma zonke izingu njengakuqala.
19Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.
20Lawomatshe ayishumi nambili abawakhipha eJordani uJoshuwa wawamisa eGiligali.
21Wakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli, wathi: Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: Ayini lawamatshe na?
22anobazisa abantwana benu, nithi: UIsrayeli wawela leliJordani emhlabathini owomileyo,
23ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle oluBomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela,
24ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube-phakade.