Imizi engamashumi amane nesishiyagalombili yamaLevi
1Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi kuEleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwaIsrayeli,
2bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abengawezinkomo zethu.
3Abantwana bakwaIsrayeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova lemizi kanye namadlelo ayo.
4Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababengamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.
5Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwaEfrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.
6Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwaIsakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.
7Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8Abantwana bakwaIsrayeli bawanika amaLevi ngenkatho leyomizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10yaba-ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba-ngeyabo.
11Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxazonke zawo.
12Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube-yifa lakhe.
13Abantwana bakwa-Aroni umpristi babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,
14neJatiri namadlelo alo, ne-Eshitemowa namadlelo alo,
15neHoloni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
16neAyini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti-Shemeshi namadlelo alo, imizi iyisishiyagalolunye kulezozizwe zombili.
17Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,
18neAnathoti namadlelo alo, neAlimoni namadlelo alo, imizi mine.
19Yonke imizi yabantwana bakwaAroni abapristi yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
20Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwaEfrayimi.
21Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwaEfrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,
22neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.
23Esizweni sakwaDani: iElitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo,
24neAjaloni namadlelo alo, neGati-Rimoni namadlelo alo, imizi mine.
25Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati-Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.
26Yonke imizi yemindeni yabantwana abaseleyo bamaKohati yayiyishumi namadlelo ayo.
27Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.
28Esizweni sakwaIsakare: iKishiyoni namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
29neJarimuthi namadlelo alo, ne-Eni-Ganimi namadlelo alo, imizi mine.
30Esizweni sakwa-Asheri: iMishali namadlelo alo, neAbidoni namadlelo alo,
31neHelikati namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo, imizi mine.
32Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti-Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.
33Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
34Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo,
35neDimina namadlelo alo, neNahalali namadlelo alo, imizi mine.
36Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo,
37neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo, imizi mine.
38Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,
39neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, yonke iyimizi emine.
40Yonke imizi yabantwana bakwaMerari ngemindeni yabo, imindeni eseleyo yamaLevi, isabelo sabo sasiyimizi eyishumi nambili.
41Yonke imizi yamaLevi phakathi kwefa labantwana bakwaIsrayeli yayiyimizi engamashumi amane nesishiyagalombili namadlelo ayo.
42Leyomizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo; kwakunjalo kuyo yonke leyomizi.
43UJehova wamnika-ke uIsrayeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.
44UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho-muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.
45Akuphuthanga-lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu kaIsrayeli; kwenziwa konke.