Isabelo sesizwe sakwaSimeyoni
1Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.
2Ifa labo laliyiBeri-Sheba, neSheba, neMolada,
3neHasari-Shuwali, neBala, ne-Eseme,
4ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma,
5neSikilagi, neBeti-Marikaboti, neHasari-Susa,
6neBeti-Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo;
7iAyini, neRimoni, ne-Etere, neAshani, imizi mine nemizana yayo,
8nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyomizi kuze kube-seBalati-Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.
9Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
Isabelo sakwaZebuloni
10Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
11umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube-seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
12wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube-semkhawulweni waseKisilotiThabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya;
13kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati-Heferi, nase-Eti-Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya;
14umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;
15neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.
16Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, leyomizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwaIsakare
17Inkatho yesine yadla uIsakare, abantwana bakwaIsakare ngemindeni yabo.
18Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,
19neHafarayimi, neShiyoni, neAnaharati,
20neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi,
21neRemeti, ne-Eni-Ganimi, ne-Eni-Hada, neBeti-Phasesi;
22umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti-Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
23Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaIsakare ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwa-Asheri
24Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.
25Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, neAkishafu,
26neAlameleki, neAmadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori-Libinati;
27wajika ngasempumalanga, waya eBeti-Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti-Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo;
28ne-Ebironi, neRehobe, neHamoni, neKhana, neSidoni eliKhulu;
29umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni laseAkizibi;
30neUma, neAfeki, neRehobe, imizi ingamashumi amabili nambili nemizana yayo.
31Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyomizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwaNafetali
32Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.
33Umkhawulo wabo wasuka eHelefi, kulo ioki* laseSahananimi, naseAdamiNekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;
34umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga, waya eAzinoti-Thabori; waphuma lapho, waya eHukoki; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu, wafinyelela kwa-Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.
35Imizi ebiyelweyo yayiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti,
36neAdama, neRama, neHasori,
37neKedeshi, ne-Edireyi, ne-Eni-Hasori,
38neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti-Anati, neBeti-Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.
39Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sakwaDani
40Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo.
41Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, neIri-Shemeshi,
42neShahalabini, neAjaloni, neJitila,
43ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni,
44ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati,
45neJehudi, neBene-Beraki, neGati-Rimoni,
46neMe-Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.
47Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.
48Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyomizi kanye nemizana yayo.
Isabelo sikaJoshuwa
49Base beqeda ukwabela izwe libe-yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwaIsrayeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;
50ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati-Sera, ezintabeni zakwaEfrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.
51Lawo angamafa abawabela ngenkatho uEleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwaIsrayeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.