Ukusola kukaJona
1Kepha lokho kwaba-kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.
2Wakhuleka kuJehova, wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;
3ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.
4Wayesethi uJehova: Wenza kahle ngokuthukuthela na?
5UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwe-njani kuwo umuzi.
6UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube-ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.
7Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.
8Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba-nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila.
9Wayesethi uNkulunkulu kuJona: Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na? Wathi: Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube-sekufeni.
10Wayesethi uJehova: Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye;
11mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?