Inkulumo yokugcina kaJobe: usagcizelela ukulunga kwakhe
1UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:
2Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami,
noSomandla owenzé-munyu umphefumulo wami,
3kusekhona ukuphefumula kimi,
nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,
4izindebe zami aziyikukhuluma okubi,
nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.
5Makube-kude nami ukuba nginivumele;
angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.
6Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki;
inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.
7Isitha sami masibe-njengomubi,
nongisukelayo njengowonileyo.
8Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa,
lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?
9UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe,
lapho ehlelwa lusizi, na?
10Uyakuthokoza ngoSomandla,
ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?
11Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;
okukuSomandla angiyikukufihla.
12Bhekani, nina nonke nikubonile;
kungani ukuba nizenzé ize na?
13Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu,
nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.
14Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;
inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.
15Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,
abafelokazi babo bangalili.
16Noma enqwabela isiliva njengothuli,
alungise izambatho njengodaka,
17makakulungise, kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,
ongenacala abele isiliva.
18Uyakha indlu yakhe njengenundu,
ibe-njengedlangala elakhiwa ngumlindi.
19Uyalala enothile, angakuphindi kodwa;
uyavula amehlo akhe, abe engasekho.
20Ingebhe iyamehlela njengamanzi;
isivunguvungu siyamphephula ebusuku.
21Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke;
uyambhengula endaweni yakhe.
22Uyacibishelwa engahawukelwa;
uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.
23Abantu bayakumshayela ihlombe,
bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.