UJOBE 25
Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu
1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2Ukubusa nokwesabeka kukuye
owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,
nokukhanya kwakhe akuphumeli-bani na?
4Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,
nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5Bheka, nenyanga ayinankazimulo,
nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,
nendodana yomuntu eyisibungu, na?
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.