UJobe uphendula inkulumo yesibili kaBilidadi: wenzelwe okubi lapho eshiyiwe yizihlobo zakhe; uyazi nokho ukuthi uMhlengi wakhe ukhona
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2Koze kube-nini nihlupha umphefumulo wami,
ningiphohloze ngamazwi, na?
3Seningihlazisile kayishumi;
aninamahloni okuthi ningiphathé kabi na?
4Uma impela ngidukile,
ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5Uma impela niyazikhukhumezela kimi,
niphikisane nami ngehlazo lami,
6yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,
ungihaqé ngenetha.
7Bheka, ngikhala ngithi: Ngubudlova! Kepha angiphendulwa;
ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.
8Uvalile indlela yami ukuze ngingabinakudlula;
ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
9Ungikhumulile udumo lwami;
ususile umqhele ekhanda lami.
10Ungidilizile nxazonke, sengimukile;
usiphulile ithemba lami njengomuthi.
11Ungivuthisele intukuthelo yakhe,
wangishaya njengezitha kuye.
12Amabutho akhe afika kanyekanye,
alungise indlela ukuba angisukele;
amisa nxazonke zetende lami.
13Udedisile kimi abafowethu,
nabazana nami sebahlukene impela nami.
14Izihlobo zami zingishiyile,
nengazana nabo bangikhohliwe.
15Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangishaya umfokazi;
ngingowezizwe emehlweni abo.
16Ngibiza inceku yami, kayingiphenduli;
ngiyayinxusa ngomlomo wami.
17Umoya wami mubi kumkami,
ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.
18Yebo, nezingane ziyangidelela;
uma ngivuka, zikhuluma ngami.
19Ababeyizifuba zami ziyanengwa yimi;
labo ababengithanda sebengifulathele.
20Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami;
ngisindé ngokulambisa kuphela.
21Ngihawukeleni, ngihawukeleni, ninabangane bami,
ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
22Ningizingelelani njengoNkulunkulu,
ningasuthi ngenyama yami na?
23Sengathi amazwi ami angalotshwa!
Sengathi angabhalwa encwadini,
24aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu,
kuze kube-phakade!
25Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.
26Nalapho sesishabalele isikhumba sami,
ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
27engiyakumbona uqobo lwami;
amehlo ami ayakumbona, kungabinjengomfokazi;
okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
28Uma nithi: Siyakumxosha yini pho! —
njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi —
29yesabani inkemba,
ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba,
ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.