UJobe uphendula inkulumo yesibili kaElifazi: uyahlupheka engenacala; ezulwini kukhona ufakazi
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;
nina nonke ningabaduduzi ababi.
3Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?
Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4Nami ngingakhuluma njengani;
uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami,
bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,
ngininikinele ikhanda lami.
5Benginganiqinisa ngomlomo,
induduzo yezindebe zami inidambise.
6Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga;
noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?
7Kepha manje ungikhathazile,
uyichithile yonke indlu yami.
8Ungicindezele, kungubufakazi;
ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami.
9Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele;
uyangigedlela amazinyo;
isitha sami singicijisela amehlo aso.
10Bangikhamisela imilomo yabo,
bangimukula esihlathini ngenhlamba,
bangihlanganyela.
11UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,
angiphonse esandleni sababi.
12Ngangihlezi kahle, wangichoboza;
wangibamba ngentamo, wangiphahlaza;
wangimisa ngibe-yisigcibisholo.
13Abacibishelayo bakhe bangihaqa;
uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;
uchithela inyongo yami emhlabathini.
14Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,
angidumele njengeqhawe.
15Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami,
ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16Ubuso bami bubomvu ngokukhala;
ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17noma kungekho ubudlova ezandleni zami
nokukhuleka kwami kulungile.
18Mhlaba, ungathukusi igazi lami;
ukukhala kwami makungabi-nandawo.
19Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini;
ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20Abangane bami bayangiklolodela;
iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
21ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu
nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
22Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,
ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.