Isigcino senkulumo kaJesu. Ukuhlupheka okuzayo
1Lokho ngikukhulumé kini ukuba ningakhubeki.
2Bayakunikhipha emasinagogeni*, yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.
3Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;
4kepha lokho ngikukhulumé kini, ukuze kuthi, nxa kufika lesosikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.
Umsebenzi kaMoya oNgcwele
5Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: Uya ngaphi na?
6Kepha ngokuba ngikhulumé lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.
7Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:
9ngesono, ngokuba bengakholwa yimi;
10ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;
11ngokwahlulela, ngokuba umbusi walelizwe wahlulelwe.
12Ngisenokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.
13Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
15Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithé uyakuthatha kokwami, anibikele.
Ukumuka nokubuya kukaJesu
16Kusezakuba-yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube-yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.
17Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: Kusezakuba-yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube-yisikhashana ningibone, nokuthi: Ngokuba ngiya kuBaba, na?
18Bathi: Kuyini lokho akushoyo ukuthi: Yisikhashana, na? Asazi ukuba uthini.
19UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: Kusezakubayisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube-yisikhashana ningibone, na?
20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba-lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube-ngukuthokoza.
21Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.
22Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.
23Ngalolosuku aniyikubuza-lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokho eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
24Kuze kube-kalokhu anicelanga-lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
25Ngikhulumé lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.
26Ngalelolanga niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba;
27ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.
28Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.
29Abafundi bakhe bathi kuye: Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi-mfanekiso.
30Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.
31UJesu waphendula wathi: Seniyakholwa manje na?
32Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.
33Lokho ngikukhulumé kini ukuba nibe-nokuthula kimi. Ezweni niyakubalusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.