Izono zeJerusalema
1Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi,
nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu,
uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso;
besengilithethelela.
2Noma bethi: Kuphila kukaJehova,
nokho bafunga amanga.
3Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na?
Ubashayile, kepha abadabukanga;
ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa;
benza-lukhuni ubuso babo kunetshe,
bala ukuphenduka.
4Ngase ngithi mina: Laba bayizimpofana nje,
bayiziwula,
ngokuba abayazi indlela kaJehova,
ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.
5Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo,
ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova
nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;
kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,
bazigqabulile izibopho.
6Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya,
babhujiswe yimpisi yasehlane,
ingwe iyiqamekele imizi yabo,
badatshulwe bonke abaphuma kuyo,
ngokuba iziphambeko zabo ziningi,
nokuhlehla kwabo kwandile.
7Ngingakuthethelela kanjani na?
Abantwana bakho bangishiyile,
bafunga okungesibo onkulunkulu.
Ngabafungisa, kepha baphinga,
babuthana endlini yezifebe.
8Banjengamahashi akhulupheleyo andindayo;
yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.
9Angiyikubahambela ngalokho na? usho uJehova.
Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
10Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe,
ningaliqedi ngokupheleleyo nokho;
susani amagatsha alo,
ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.
11Ngokuba indlu kaIsrayeli nendlu kaJuda
zingikhohlisile nokungikhohlisa, usho uJehova.
12Zimphikile uJehova, zathi: Hayi yena!
Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.
13Abaprofethi bayakuba-ngumoya,
akakho okhulumayo kubo;
kuyakwenziwa kanjalo kubo.
14Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, uthi:
Ngokuba nikhuluma lelizwi,
bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe-ngumlilo emlonyeni wakho,
nalababantu babe-yizinkuni, ubadle.
15Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude
nina-ndlu kaIsrayeli, usho uJehova;
yisizwe esinamandla, yisizwe esidala,
yisizwe ongazi ulimi lwaso,
nongezwa lokhu abakukhulumayo.
16Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo,
bangamaqhawe bonke.
17Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho,
badle amadodana akho namadodakazi akho,
badle izimvu zakho nezinkomo zakho,
badle imivini yakho nemikhiwane yakho,
bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.
18Kepha nangalezozinsuku, usho uJehova,
angiyikuniqeda ngokupheleleyo.
19Kuyakuthi lapho nisho nithi:
UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?
usho kubo ukuthi:
Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini,
kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.
20Memezani lokhu endlini kaJakobe,
nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:
21Yizwani lokhu nina-bantu eniyiziwula neningenakuqonda,
eninamehlo, ningaboni kodwa,
eninezindlebe, ningezwa kodwa.
22Aningesabi yini, usho uJehova,
anithuthumeli phambi kwami,
mina engibeké isihlabathi
sibe-ngumkhawulo wolwandle,
umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na?
Noma lugubha, alunakuwahlula;
noma luduma, alunakudlula kuwo.
23Kepha lababantu banenhliziyo eyambukileyo nehlubukileyo;
bambuka, bahamba.
24Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi:
Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu
onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo,
asigcinele amasonto anqunyiweyo okuvuna.
25Ububi benu buchezukisile lokhu,
nezono zenu zinenqabele okuhle.
26Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi,
baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni,
babeke ugibe,
babambe abantu.
27Njengendlwana yezinyoni igcwele zona,
kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;
ngalokho bakhulile, bacebile.
28Bakhuluphele, bayacwebezela;
yebo, bayadlula ezintweni zobubi;
abameli ukulunga,
abameli izintandane ukuba zihlahlamele,
nemfanelo yabampofu abayahluleli.
29Angiyikubahambela ngalokho na? usho uJehova.
Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
30Okumangalisayo nokwesabekayo
kuyenziwa ezweni.
31Abaprofethi baprofetha amanga,
abapristi babusa eceleni kwabo;
abantu bami bayakuthanda kanjalo,
kepha niyakwenze-njani ekupheleni na?