1Ngalesosikhathi, usho uJehova, ngiyakuba-nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwaIsrayeli, yona ibe-ngabantu bami.
2Usho kanje uJehova, uthi:
Abantu abasele enkembeni
bafumana umusa ehlane,
lapho uIsrayeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.
3UJehova wabonakala kimi ekude, wathi:
Ngikuthandile ngothando oluphakade;
ngalokho ngikudonsile ngomusa.
4Ngiyakubuye ngikwakhe, wakheke wena-ntombi kaIsrayeli;
uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho,
uphumele ekusineni kwabathokozayo.
5Uyakubuye utshale izivini ezintabeni zaseSamariya;
abatshali bayakuzitshala, badle izithelo zazo.
6Ngokuba kuyakuba-khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi
entabeni yakwaEfrayimi ukuthi:
Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.
7Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
Hlabelelani kuJakobe ngokujabula,
nimemezele inhloko yezizwe,
nizwakalise, nidumise nithi:
Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwaIsrayeli.
8Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho,
ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba,
okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga,
abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye,
babuyele lapha beyibandla elikhulu.
9Bayakufika bekhala,
ngibahambise bekhuleka,
ngibayise emifuleni yamanzi
ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo,
ngokuba nginguyise kaIsrayeli,
noEfrayimi uyizibulo lami.
10Zwanini izwi likaJehova nina-zizwe,
nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:
Owamhlakaza uIsrayeli uyakumbutha
amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.
11Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,
wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
12Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni,
bagobhozele kukho okuhle kukaJehova,
yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni,
nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo,
umphefumulo wabo ube-njengensimu eniselweyo,
bangabe besaba-nosizi futhi.
13Khona intombi iyakuthokoza ekusineni,
nezinsizwa nabadala kanyekanye;
ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube-ngukujabula,
ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba-nosizi.
14Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,
abantu bami basuthe ngokuhle kwami, usho uJehova.
15Usho kanje uJehova, uthi:
Izwi liyezwakala eRama,
ukulila nokukhala okumunyu,
uRaheli ekhalela abantwana bakhe;
uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,
ngokuba abasekho.
16Usho kanje uJehova, uthi:
Bamba izwi lakho, ungakhali,
amehlo akho angabi-nazinyembezi,
ngokuba umsebenzi wakho uyakuba-nomvuzo, usho uJehova,
babuye ezweni lesitha.
17Kukhona ithemba lokugcina kwakho, usho uJehova;
abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
18Ngimzwile nokumuzwa uEfrayimi ezidabukela, ethi:
Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;
ngibuyise ukuba ngibuye,
ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
19Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,
nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami,
ngaba-namahloni, yebo, ngajabha,
ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.
20UEfrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,
ungumntwana othandekayo na?
Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,
ngisamkhumbula nokumkhumbula;
ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;
ngiyakuba-nesihe impela kuye, usho uJehova.
21Zibekele amatshe, zimisele iziqondiso zendlela;
yibeke inhliziyo yakho emendweni,
indlela owahamba ngayo;
buya, ntombi yakwaIsrayeli,
ubuyele kulemizi yakho.
22Koze kube-nini uhambahamba wena-ndodakazi ehlubukayo na?
Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:
owesifazane uyakuyihaqa indoda.
23Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bayakubuye basho lelizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena-khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.
24UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi.
25Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.
26Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.
27Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuhlwanyela indlu kaIsrayeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo.
28Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale, usho uJehova.
29Ngalezozinsuku abasayikusho ukuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba-bushelezi.
30Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba-buthuntu.
31Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu kaIsrayeli nendlu kaJuda,
32kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo, usho uJehova.
33Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu kaIsrayeli emva kwalezozinsuku, usho uJehova: ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe-nguNkulunkulu wabo, bona babe-ngabantu bami;
34abasayikufundisana, kube-yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube-yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: Yazi uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo, usho uJehova, ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.
35Usho kanje uJehova obeka ilanga libe-ngukukhanya emini,
nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe-ngukukhanya ebusuku,
ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo,
ogama lakhe linguJehova-Sebawoti, uthi:
36Uma lezizimiso zisuka ebusweni bami, usho uJehova,
yilapho inzalo yakwaIsrayeli iyakuphela,
ingabe isaba-yisizwe phambi kwami kuze kube-nanini.
37Usho kanje uJehova, uthi:
Uma izulu lilinganiswa phezulu,
nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi,
khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwaIsrayeli
ngakho konke abakwenzileyo, usho uJehova.
38Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho uJehova eyakwakhelwa umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube-seSangweni laseGumbini.
39Umucu wokulinganisa usezakuphuma, ufinyeleliswe uze uqondane negquma laseGarebi, ujike uze ufike eGowa.
40Sonke isigodi sezidumbu, nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube-semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango leHashi ngasempumalanga kuyakuba-ngcwele kuJehova, kungabe kusasishulwa, kubhidlizwe kuze kube-phakade.