Isiprofetho ngokuchithwa kwethempeli
1Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika lelizwi livela kuJehova, lathi:
2Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli-zwi.
3Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube-yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.
4Uyakuthi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeké phambi kobuso benu,
5niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,
6ngiyakwenza lendlu ibe-njengeShilo, nalomuzi ngiyakuwenza ube-yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.
7Abapristi, nabaprofethi, nabo bonke abantu bezwa uJeremiya ekhuluma lawomazwi endlini kaJehova.
8Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyalé ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: Uyakufa nokufa.
9Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: Lendlu iyakuba-njengeShilo, nalomuzi uyakuchithwa kungabe kusabakhona owuhlalayo, na? Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.
10Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezozinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.
11Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: Lomuntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalomuzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.
12Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: UJehova wangithuma ukuprofetha ngalendlu nangalomuzi onke amazwi eniwezwileyo.
13Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulumé kini.
14Kepha mina, bhekani, ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu.
15Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalomuzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithumé kini ukuba ngikhulume onke lawamazwi ezindlebeni zenu.
16Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: Lomuntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulumé kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.
17Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi:
18UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi:
ISiyoni liyakulinywa njengensimu,
iJerusalema libe-yincithakalo,
intaba yendlu ibe-yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
19UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi aye-khulumé kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.
20Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyati-Jeharimi; waprofetha ngalomuzi nangalelizwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.
21Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.
22Inkosi uJehoyakimi yayisithuma amadoda eGibithe, uElinathani indodana ka-Akibori enamadoda, baye eGibithe.
23Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.
24Kepha isandla sika-Ahikamu indodana kaShafani sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.