1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Awuyikuzithathela umfazi, ungabi-namadodana namadodakazi kulendawo.
3Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kulendawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kulelizwe, uthi:
4Bayakuba-nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba-ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe-ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.
5Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulababantu, usho uJehova, kanye nomusa nobumnene.
6Abakhulu nabancane bayakufela kulelizwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;
7abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.
8Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.
9Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kulendawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti.
10Kuyakuthi lapho ubatshela lababantu onke lawamazwi, basho kuwe ukuthi: UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esoné ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?
11Usuyakusho kubo ukuthi: Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile, usho uJehova, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,
12nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube-yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,
13ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kulelizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.
14Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho kungasayikuthiwa: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe,
15kepha: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwaIsrayeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona; kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.
16Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi, usho uJehova, babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.
17Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
18Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.
19Jehova, mandla ami nenqaba yami,
siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka,
bayakuza kuwe abezizwe,
bevela emajukujukwini omhlaba, bathi:
Obaba badlile ifa lamanga kuphela,
okuyize, engekho kukho insizakalo.
20Umuntu angazenzela onkulunkulu na?
Labo abasibo onkulunkulu.
21Ngalokho bheka, ngiyakubazisa,
ngibazise ngalesisikhathi isandla sami namandla ami,
baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.