Ibhande* lelineni
1Usho kanje uJehova kimi, uthi: Hamba uzithengele ibhande* lenineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.
2Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.
3Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi:
4Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.
5Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.
6Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.
7Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihlé khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.
8Lase lifika izwi likaJehova, lithi:
9Usho kanje uJehova: Ngalendlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.
10Lababantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba-njengalelibhande elingasenamsebenzi.
11Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwaIsrayeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova, ukuba babe-ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.
Izimvaba ezaphukileyo
12Uyakukhuluma kubo lelizwi lokuthi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini; bayakusho kuwe ukuthi: Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?
13Uyakusho kubo, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kulelizwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.
14Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba-nasihe kubo sokuba ngingabachithi.
15Zwanini, nibeke indlebe;
ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.
16Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi,
futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela,
nothi nisabheka ukukhanya,
akuphendule ithunzi lokufa,
akwenze kube-yisigayegaye.
17Kepha uma ningalaleli,
umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu;
iso lami liyakukhala nokukhala,
limululeka izinyembezi,
ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi:
Hlalani phansi ngokuzithoba,
ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,
umqhele wodumo lwenu.
19Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo;
wonke uJuda uthunjiwe,
uthunjiwe ngokupheleleyo.
20Phakamisani amehlo enu,
nibone abavela enyakatho;
uphi umhlambi owaphiwa wona,
izimvu zakho ezinhle, na?
21Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho
labo okade ubafundisile ukuba babe-ngabangane bakho,
babe-yinhloko, na?
Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?
22Uma uthi enhliziyweni yakho:
Ngehlelelweni yilezizinto na?
Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe,
nezithende zakho ziyadlovulwa.
23UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,
nengwe amabala ayo, na?
Khona ningenza okuhle
nina enifundisiwe ukwenza okubi.
24Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi
adlula ngomoya wasehlane.
25Lokhu kungokwenkatho yakho,
isabelo osilinganiselwe yimi, usho uJehova,
ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.
26Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,
kubonakale ihlazo lakho.
27Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho,
ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho,
ngikubonile emagqumeni asendle.
Maye kuwe-Jerusalema! Awuyikuhlambuluka —
koze kube-nini na?