1Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo uIsrayeli, bonke abakwaIsrayeli ababengazi-mpi eKhanani,
2kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwaIsrayeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili.
3Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube-sekuyeni eHamati.
4Zazingezokuba uIsrayeli avivinywe ngazo, kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.
5Abantwana bakwaIsrayeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,
6bathatha amadodakazi awo abangomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu babo.
UOtheniyeli
7Abantwana bakwaIsrayeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali noAshitaroti.
8Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela uIsrayeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani-Rishatayimi inkosi yaseAramu-Naharayimi; abantwana bakwaIsrayeli bamkhonza uKushani-Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.
9Kepha abantwana bakwaIsrayeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwaIsrayeli umsindisi owabasindisa, uOtheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.
10UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela uIsrayeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani-Rishatayimi inkosi yaseAramu-Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani-Rishatayimi.
11Izwe lase liba-nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa uOtheniyeli indodana kaKenazi.
UEhudi
12Abantwana bakwaIsrayeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika uEgiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kukaIsrayeli, lokhu benzé okubi emehlweni kaJehova.
13Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha uIsrayeli, badla umuzi wamasundu.
14Abantwana bakwaIsrayeli bamkhonza uEgiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
15Kepha abantwana bakwaIsrayeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, uEhudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwaIsrayeli bathuma isipho ngaye kuEgiloni inkosi yakwaMowabi.
16UEhudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.
Ukufa kukaEgiloni
17Wamnika uEgiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha uEgiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.
18Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho.
19Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali, wathi: Nginendaba eyisifuba kuwe-nkosi; wathi: Thulani. Base bephuma bonke ababemi ngakuye.
20UEhudi wasondela kuye; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo; wayesethi uEhudi: Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe. Wasukuma esihlalweni sakhe.
21UEhudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;
22kwangena nesibambo emva kwenkemba, amanoni azungeza inkemba, ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva.
23UEhudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela.
24Nxa esephumile yena, kwafika izinceku zakhe; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: Mhlawumbe uyembesa izinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.
25Zalinda zaze zajabha; bheka, akayivulanga iminyango yekamelo eliphezulu; ngalokho zathatha ukhiye, zayivula; bheka, inkosi yazo yayiwele phansi ifile.
26UEhudi waphunyuka zisalinda, wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.
27Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwaEfrayimi, abantwana bakwaIsrayeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.
28Wathi kubo: Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu. Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ngakuwo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele-muntu.
29Babulala kwabakwaMowabi ngalesosikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka-muntu.
30UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolosuku phansi kwesandla sakwaIsrayeli. Izwe laba-nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
UShamgari
31Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa uIsrayeli.