UJakobe uxwayisa ngokulwa, nangokuzidla, nangokuhleba
1Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?
2Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi-lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;
3niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
5Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu, na?
6Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekilyo ubapha umusa.
7Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;
8sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina-zoni, nihlambulule izinhliziyo ninabonhliziyombili.
9Yibani-lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube-ngukujabha.
10Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
11Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.
12Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso
13Minani nina enithi: Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowayamuzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze;
14anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
15Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.
16Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.
17Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.