Abazalwane mabangakhethi abantu
1Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi-nokukhetha abantu.
2Ngokuba uma kungena esinagogeni* lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,
3nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: Hlala lapha wena kulendawo enhle, besenithi kompofu: Yima lapho wena, noma: Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,
4anikhethi yini, nibe-ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?
5Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe-ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
6Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?
7Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?
8Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;
9kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
10Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.
11Ngokuba yena owathi: Ungaphingi, wathi futhi: Ungabulali; uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
12Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
13Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.
Ukukholwa kufanele kube-nezenzo
14Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?
15Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba-ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,
16kusho omunye kini kubo ukuthi: Hambani nibe-nokuthula, nifudumale, nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?
17Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
18Kepha omunye uyakuthi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.
19Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
20Kepha wena-muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?
21UAbrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe uIsaka ealtare na?
22Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,
23kwagcwaliseka umbhalo othi: Kepha uAbrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.
24Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.
25Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?
26Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.