Ukusindiswa kweziboshwa
1UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,
2ngimemezele umnyaka womusa kaJehova
nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu,
ngiduduze bonke abalilayo,
3ngenze ukuba abalilayo eSiyoni
baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha,
amafutha enjabulo esikhundleni sokulila,
ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo,
ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga
nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.
4Bayakwakha izincithakalo ezindala,
bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala,
balungise imizi ebhujisiweyo,
izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.
5Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu,
abafokazi babe-ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.
6Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova,
niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu;
niyakudla imfuyo yezizwe,
nizibonge ngodumo lwazo.
7Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindiweyo;
abadumeleyo, ukujabula kuyakubayisabelo sabo;
ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo,
intokozo engapheliyo ibe-ngeyabo.
8Ngokuba mina-Jehova ngithanda ukulunga,
ngizonda ukuphanga kanye nokubi;
ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso,
ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
9Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe,
nabantwana babo phakathi kwabantu;
bonke abababonayo bayakubavuma
ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.
10Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezivunulo zakhe.
11Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo,
nanjengensimu ehlumisa okutshalwé kuyo,
kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza
ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.