Ukusindiswa kungokwabezizwe
1Usho kanje uJehova, uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga,
ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,
nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
2Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,
nendodana yomuntu ebambelela kukho,
ogcina isabatha engaloni,
osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi.
3Indodana yowezizwe ezihlanganisé noJehova
mayingasho ukuthi:
Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,
nomthenwa angathi:
Bheka, ngingumuthi owomileyo.
4Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:
Abawagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo,
nababambelela esivumelwaneni sami
5bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami
isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi;
ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.
6Nabezizwe abazihlanganisa noJehova
ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova
ukuba babe-yizinceku zakhe
bonke abaligcina isabatha, bangaloni,
nababambelela esivumelwaneni sami,
7yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele,
ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;
iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo
iyakwamukeleka ealtare lami,
ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka
phakathi kwabantu bonke.
8INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwaIsrayeli ithi:
Ngisezakubuthela kuye nabanye
ngaphandle kwabase bebuthiwe.
UIsrayeli wonakele
9Nonke nina-zilwane zasendle, wozani nidle,
nonke nina-zilwane zasehlathini.
10Bonke abalindi bayizimpumputhe,
abanakwazi;
bonke bayizinja eziyizimungulu,
abakwazi ukukhonkotha,
balala bephupha,
bathanda ukozela.
11Yebo, bayizinja ezihahayo,
abakwazi ukusutha;
yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,
baphendukela bonke ezindleleni zabo,
kube-yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.
12Wozani, ngiyakuletha iwayini,
sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;
nengomuso liyakuba-njenganamuhla,
libe-likhulu kakhulu.