1Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni,
uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele,
ngokuba akusayikungena kuwe
ongasokile nongcolileyo.
2Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;
zikhulule ezibosheni zentamo yakho wena-ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.
3Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
Nathengiswa ngento engelutho;
niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.
4Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Abantu bami behlela kuqala eGibithe
ukuba bagogobale khona;
iAsiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.
5Manje nginantoni lapha, usho uJehova, lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa, usho uJehova, negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.
6Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami; ngalokho bayakuqonda ngalolosuku ukuthi yimi engikhulumileyo; bhekani, ngilapha.
7Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi.
8Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi,
bajabule kanyekanye,
ngokuba bayakubona iso neso,
lapho uJehova ebuyela eSiyoni.
9Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye,
nina-zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,
ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,
ulihlengile iJerusalema.
10UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele
emehlweni ezizwe zonke,
namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.
11Mukani, mukani, niphume lapha,
ningathinti okungcolileyo,
niphume phakathi kwalo, nizihlambulule
nina eniphatha izitsha zikaJehova.
12Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,
ningahambi ngokubaleka,
ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,
noNkulunkulu kaIsrayeli uyakuba-semva kwenu.
Ukuhlupheka kwenceku
13Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;
iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
14Njengalokhu abaningi bamangala ngayo —
ubuso bayo babonakele kunobabantu,
nesimo sayo kunesamadodana abantu —
15kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;
amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,
ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,
nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.