Isiprofetho sikaIsaya ngabaseAsiriya
1Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
2Yathuma uEliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswé izindwangu zamasaka, kuIsaya umprofethi, indodana ka-Amose.
3Bathi kuye: Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolusuku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.
4Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi-Shake othunywé yinkosi yaseAsiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.
5Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile kuIsaya,
6uIsaya wathi kuzo: Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawomazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yaseAsiriya ezingithuké ngawo.
7Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.
8Wayesebuya uRabi-Shake, wafumana inkosi yaseAsiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
9Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi: Uphumile ukulwa nawe, lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
10Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yaseAsiriya.
11Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi aseAsiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
12Onkulunkulu balezozizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?
13Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yaseAripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, naseIva na?
14UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:
16Jehova-Sebawoti, Nkulunkulu kaIsrayeli, ohlezi phezu kwamakherubi*, wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
17Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athumé ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
18Yiqiniso, Jehova; amakhosi aseAsiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,
19alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babengumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
20Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.
21UIsaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Njengalokhu ukhuleké kimi ngoSaneheribi inkosi yaseAsiriya,
22nanti izwi uJehova alikhulumé ngaye ukuthi:
Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni;
ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
23Weyisé-bani, wethuka-bani, na?
Uphakamisele-bani izwi lakho,
wabhekisa phezulu amehlo akho, na?
NgoNgcwele kaIsrayeli!
24Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi:
Ngobuningi bezinqola zami
ngenyuké mina phezulu ezintabeni
ngaphakathi kweLebanoni;
ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo
ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina
nasehlathini lalo eliminyeneyo.
25Ngemba, ngaphuza amanzi;
ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.
26Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na?
Emihleni yasendulo ngakunquma;
manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe-yizinqwaba.
27Abakhé kuyo babenamandla amancane,
besaba, bajabha;
baba-njengotshani basendle,
nembali notshani obuluhlaza,
nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,
namabele ahamukile engakakhuli.
28Kepha ukuhlala kwakho,
nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi,
nokubhovumula kwakho ngami.
29Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,
nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami,
ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho
netomu lami emlonyeni wakho,
ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.
30Lokhu kuyakuba-yisibonakaliso kuwe: niyakudla ngalomnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
31Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo bayakubuye bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.
32Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakufeza lokho.
33Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yaseAsiriya, uthi:
Ayiyikungena kulomuzi,
ayiyikucibishela-mcibisholo khona;
ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,
ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
34Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;
ayiyikungena kulomuzi, usho uJehova.
35Ngiyakuwuvikela lomuzi ukuba ngiwusindise
ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.
36Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labaseAsiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
37Wayesesuka uSaneheribi inkosi yaseAsiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
38Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, oAdirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni laseArarati. UEsari-Hadoni indodana yakhe wabayinkosi esikhundleni sakhe.