Ubuze beGibithe
1Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona,
benciké emahashini, bethemba ezinqoleni,
ngokuba ziningi,
nakubo abamahashi, ngokuba benamandla;
kepha ababheki koNgcwele kaIsrayeli,
noJehova abamfuni.
2Nokho naye uhlakaniphile, uyakuletha okubi;
akayikubuyisa amazwi akhe,
kepha uyakuvukela indlu yababi
nosizo lwabenza okubi.
3AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu,
amahashi abo ayinyama, awasiwo umoya,
nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe
uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo,
baphele bonke kanyekanye.
4Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:
Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,
lapho abelusi abaningi belibizelwe,
aliyikwesaba izwi labo,
lingazithobi ngomsindo wabo,
kanjalo uJehova-Sebawoti uyakwehla
ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.
5Njengezinyoni ezindizayo
kanjalo uJehova, uJehova-Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema;
uyakulivikela, alophule,
alidlule, alikhulule.
6Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina-bantwana bakwaIsrayeli.
7Ngokuba ngalolosuku bayakulahla, kube-yilowo nalowo
izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide,
ezizenzile izandla zenu zaba-yisono senu.
8IAsiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu,
nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda;
liyakubalekela usiko lwenkemba,
kepha izinsizwa zalo ziyakuba-yizinceku zempoqo.
9Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo,
nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela*,
usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni,
nosithando sakhe siseJerusalema.