Incithakalo nendlala
1Ngokuba bheka, iNkosi uJehova-Sebawoti
iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,
lonke uzime lwesinkwa
nalo lonke uzime lwamanzi:
2amaqhawe namadoda empi,
abahluleli nabaprofethi,
ababhuli namalunga,
3izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,
abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,
nabanolwazi lokulumba.
4Ngiyakubanika abafana babe-yizikhulu zabo,
nezingane ziyakubabusa.
5Abantu bayakucindezelana, kube-yilowo nalowo,
yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;
abantwana bayakubhensela abadala,
nabadelelekileyo abanodumo.
6Lapho umuntu eyakubamba umfowabo
endlini kayise ethi:
Wena unengubo, yiba-ngumbusi wethu,
lencithakalo ibe-phansi kwesandla sakho,
7ngalona lolosuku uyakudazuluka athi:
Angiyikuba-ngumelaphi,
ngokuba endlini yami akukho-sinkwa, akukho-ngubo;
ningangibeki umbusi wabantu.
8Ngokuba iJerusalema likhubekile,
noJuda uwile,
lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova
ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.
9Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;
benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.
Maye kuyo imiphefumulo yabo!
Ngokuba bazenzele okubi.
10Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakubakuhle kuye,
ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.
11Maye komubi! Kuyakuba-kubi kuye,
ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.
12Abantu bami-ke-izingane ziyabacindezela,
nabesifazane bayababusa.
O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa;
bachitha indlela yemikhondo yakho.
13UJehova usesukumile ukuyokulwa,
umi ukuthetha amacala ezizwe.
14UJehova uyakungena ekwahluleleni
namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:
Yinina eniqedile isivini,
impango yabampofu isezindlini zenu.
15Nichobozeleni abantu bami,
nigaye ubuso babampofu, na?
isho iNkosi uJehova-Sebawoti.
Ukulahlwa kwamadodakazi aseSiyoni
16Wathi futhi uJehova:
Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,
ehamba elula izintamo, eqhikiza amehlo,
ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,
ekhenceza ngezinyawo zawo,
17ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,
uJehova awanqunise.
18Ngalolosuku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,
19neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,
20nezigqoko, nemihlobiso yemilenze,
nezibhamba, nemifuma, neziqu,
21nezindandatho, namacici ekhala,
22nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali*, nezinqalathi,
23nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.
24Kuyakuthi esikhundleni samakha kube-ngukubola,
nasesikhundleni sebhande* igoda,
nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla,
nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka,
nasesikhundleni sobuhle isishada.
25Amadoda akho ayakuwa ngenkemba
namaqhawe akho ngokulwa.
26Amasango alo ayakukhala, alile;
liyakuba-yize, lihlale emhlabathini.