Ukuwa nokuvuswa kweAriyeli
1Wo kuwe-Ariyeli*, Ariyeli, umuzi
lapho amisa khona uDavide.
Yengezelani umnyaka emnyakeni,
imikhosi iyingilize,
2ngize ngilicindezele iAriyeli*,
kube-khona ukukhala nokububula,
libe-njengeAriyeli kimi.
3Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho,
ngikuvimbezele ngezinqaba,
ngikumisele izindonga.
4Uyakubhidlizelwa phansi, ukhulume usemhlabathini;
ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi, kuphume othulini,
izwi lakho libe-njengelonedlozi livela emhlabathini,
ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.
5Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba-njengebhuqu elicolekileyo,
noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,
yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
6Uyakuhanjelwa nguJehova-Sebawoti
ngokuduma nangokuzamazama,
nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,
nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7Isixuku sezizwe zonke ezisukela iAriyeli*,
ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,
siyakuba-njengephupho nombono wasebusuku.
8Kuyakuba-njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,
kepha evuka usenephango,
noma njengomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,
kepha evuka uyethile, womile;
siyakuba-njalo isixuku sezizwe zonke
ezisukela intaba yaseSiyoni.
Ubumpumputhe bokomoya
9Zimangaliseni, nimangale;
ziphuphuthiseni, niphuphutheke;
badakiwe, kepha kungengewayini,
bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.
10Ngokuba uJehova uthululé phezu kwenu
umoya wobuthongo obunzima;
uwavalile amehlo enu,
usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.
11Umbono wakho konke lokho wawusuba-kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: Ake ufunde lokhu; abesethi yena: Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,
12incwadi beseyinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: Ake ufunde lokhu; abesethi yena: Angiyazi incwadi.
13Yathi iNkosi: Ngenxa yokuba lababantu besondela,
bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,
kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,
nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
14ngalokho ngiyakubuye ngenzele lababantu izenzo ezimangalisayo,
izimangaliso impela;
ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,
nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.
15Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,
abamisebenzi yabo isebumnyameni,
nabasho ukuthi: Ngubani osibonayo,
ngubani osaziyo, na?
16O ukuphendukezela kwenu!
Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,
ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:
Yena akangenzanga, na?
noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:
Akanakuqonda, na?
17Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu,
nensimu ithiwe ihlathi, na?
18Ngalolosuku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,
namehlo ezimpumputhe ayakubona,
engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.
19Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,
nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele kaIsrayeli.
20Ngokuba umcindezeli akasayikubakhona,
nesideleli siyakube singasekho,
nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,
21ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,
bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,
bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
22Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova
owamhlenga uAbrahama, uthi:
UJakobe akasayikuba-namahloni,
nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.
23Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,
umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,
bayakungcwelisa igama lami,
yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,
bamesabe uNkulunkulu kaIsrayeli.
24Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,
nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.