Isiprofetho ngeDamaseku
1Isiprofetho ngeDamaseku.
IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba-ngumuzi,
libe-yinxiwa nencithakalo
2eshiyiwe kuze kube-phakade,
neyakuba-ngeyemihlambi ebuthisa khona,
ingesatshiswa-muntu.
3Inqaba iyakuphela kwaEfrayimi,
nombuso eDamaseku,
nensali eAramu,
kube-njengodumo lwabantwana bakwaIsrayeli,
usho uJehova-Sebawoti.
4Kuyakuthi ngalolosuku
udumo lukaJakobe lube-buthakathaka,
kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.
5Kuyakuba-njengomvuni ovuna amabele asemi
nengalo yakhe evuna izikhwebu,
kube-njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.
6Kepha umkhothozo uyakusala khona
njengokushaywa kweminqumo:
izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,
ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,
usho uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
7Ngalolosuku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,
namehlo abo ayakumbuka oNgcwele kaIsrayeli.
8Abayikubheka ama-altare abo,
umsebenzi wezandla zabo,
bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,
oAshera* nama-altare empepho.
9Ngalolosuku imizi yabo enamandla
iyakuba-njengezindawo ezishiyiweyo
zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba
abazishiya phambi kwabantwana bakwaIsrayeli
zibe-yincithakalo.
10Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,
awukhumbulanga idwala lamandla akho;
ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,
uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela,
nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze,
ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi
nolobuhlungu obungenakupholiswa.
12Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi
ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,
nomsindo wokuxokozela kwabezizwe
abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.
13Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi,
kodwa uyakuzisola, zibalekele kude,
zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya,
nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
14Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe;
kungakasi azisekho.
Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo,
nenkatho yabasamukayo.