Isiprofetho ngokuthunjwa
1Ungajabuli, Israyeli, kube-ngukuthokoza njengokwabezizwe,
ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,
wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.
2Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,
iwayini elisha liyakumkhohlisa.
3Abayikuhlala ezweni likaJehova;
uEfrayimi uyakubuyela eGibithe,
naseAsiriya bayakudla okungcolileyo.
4Abayikuthululela uJehova iwayini;
imihlatshelo yabo ayiyikuba-mihle kuye,
isinkwa sabo sibe-njengesinkwa sabalilayo;
bonke abasidlayo bayakungcola,
ngokuba isinkwa sabo siyakuba-ngesephango,
singangeni endlini kaJehova.
5Niyakwenze-njani ngosuku lomhlangano
nangosuku lomkhosi kaJehova na?
6Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni
iGibithe liyakubabutha,
iNofi libembele;
izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,
kube-ngameva ematendeni abo.
7Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,
izinsuku zempindiselo zisondele;
uIsrayeli uyakukwazi.
Umprofethi uyakuba-njengesiwula,
umuntu onomoya ahlanye
ngenxa yobuningi bobubi bakho
nangobutha obukhulu;
8umprofethi engumlindi kaEfrayimi kanye noNkulunkulu wami,
ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,
nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
9Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;
uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.
10Ngamfumana uIsrayeli
njengezithelo zomvini ehlane,
ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni
ngesikhathi sawo sokuqala.
Kepha bafika eBali-Peyori,
bazahlukanisela okunezinhloni,
baba-yizinengiso njengalokho abakuthandayo.
11Udumo lukaEfrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni,
kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.
12Noma bekhulisa abantwana babo,
nokho ngiyakubaphuca bona kungasali-muntu;
yebo, maye kubo,
lapho ngimuka kubo!
13UEfrayimi, njengalokho ngiboné eTire,
utshalwé endaweni emnandi,
kepha uEfrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.
14Banike, Jehova — uyakunikani? —
banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.
15Bonke ububi babo buseGiligali;
ngalokho ngabazonda khona;
ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,
angisayikubathanda;
zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.
16UEfrayimi ushayiwe,
impande yabo yomile,
abayikuthela izithelo.
Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.
17UNkulunkulu wami uyakubalahla,
ngokuba abamlalelanga, babe-ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.