UHOSEYA 3
1UJehova wathi kimi: Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwaIsrayeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.
2Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali*, nangenxenye yehomere lebhali,
3ngathi kuye: Uyakuhlala kimi izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi-ngowomunye, nami ngibe-njalo kuwe.
4Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwaIsrayeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu,
bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi*.
5Ngasemuva abantwana bakwaIsrayeli bayakubuya,
bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo,
babuyele kuJehova benovalo
nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.