Umuzi kaHoseya ongumfanekiso wabantu bakwaIsrayeli
1Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawoUziya, noJothamu, noAhazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwaIsrayeli.
2Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.
3Wayesehamba, wathatha uGomere indodakazi kaDibilayimi; wakhulelwa, wamzalela indodana.
4UJehova wathi kuye: Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba-yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu kaIsrayeli.
5Kuyakuthi ngalolosuku ngaphule umnsalo kaIsrayeli esigodini saseJizreyeli.
6Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ruhama*, ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwaIsrayeli ukuba ngibathethelele.
7Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahashi, nangabamahashi.
8Esemlumulile uLo-Ruhama*, wakhulelwa, wazala indodana.
9Wayesethi uJehova: Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami*, ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba-nguNkulunkulu wenu.
10Nokho umumo wabantwana bakwaIsrayeli uyakuba-ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: Anisibo abantu bami, kuthiwe kubo: Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.
11Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwaIsrayeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibenye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba-lukhulu usuku lukaJizreyeli.