Mababambisise ezwini levangeli, baze bathole ukungena ekuphumuleni
1Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.
2Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
3Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi:
Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami,
ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami,
nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.
4Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke;
5nakulendawo uthi futhi: Abayikungena ekuphumuleni kwami.
6Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,
7uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi:
Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi-lukhuni izinhliziyo zenu.
8Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.
9Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.
10Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.
11Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokhokuphumula, ukuze kungawimuntu ngalesosiboniso sokungalaleli.
Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla
12Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika-nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
13futhi akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.
SinomPristi omkhulu ongasisiza
14Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.
15Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
16Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.